UDLAME LOBULILI (I-GBV) LUTHINTA  NGAMUNYE WETHU. 

Akuyona into eyenzeka emiphakathini ethile kuphela noma ethinta abantu abathile kuphela.

Izibalo zomhlaba wonke zibonisa ukuthi owesifazane oyedwa kwabathathu wake waba yisisulu sohlobo oluthile lwe-GBV. Lokhu kusho ukuthi sonke sinowesifazane noma abesifazane esibaziyo njengabangane nabathandiweyo bethu oye wabhekana nohlobo oluthile lokuhlukunyezwa umuntu wesilisa, ngisho noma singazi.

SINGAKUSHINTSHA LOKHU.

Kodwa kuphela uma siqonda ukuthi kudalwa yini futhi sithathe isinyathelo esiwujuqu.

Akwanele ukumane siqwashise umphakathi nge-GBV. Futhi akwanele ukumane nje sikhulume siyigxeke. Kudingeka sishintshe indlela esenza ngayo izinto. Akekho umfana ozalwa engumhlukumezi, engumdlwenguli noma ezonda abesifazane; kukhona okonakalayo kulolu hambo lokusuka ekubeni umfana eya ebudodeni. Ukuqonda lolu hambo kuyisihluthulelo sokwazi ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sinqobe ukuphathwa kwabesifazane ngodlame. 


Lesi sifundo esifushane esiku-inthanethi sichaza kabanzi ukuthi kungani udlame lobulili lwenzeka ngezinga elishaqisa kangaka futhi sinikeza izenzo ezifanele ezingathathwa yiwo wonke amadoda nabesifazane ukuze balunqobe.

SIHLANGANISA:

Izinhlobo eziyisithupha eziyisisekelo ze-GBV
Izizathu ezine eziyinhloko ezidala i-GBV
Izinyathelo ezinhlanu wonke amadoda angazithatha ukuze anqande i-GBV
Izinto ezinhlanu bonke abesifazane abangazenza ukuze babe neqhaza kulo mkhankaso

Kuso uzothola ukuthi singawasebenzisa kanjani amandla obudoda ukuze siqede i-GBV nokuthi amadoda nabesifazane bangasebenza kanjani ndawonye ukuze bakhe ikusasa eliphephile neliqhakazile.

UMLOBI WALESI SIFUNDO

U-Craig Wilkinson ungumlobi odl’ ubhedu waseNingizimu Afrika, usomabhizinisi osezuze imiklomelo, isikhulumi esingumgqugquzeli kanye noBaba Ongumqeqeshi. Ungumsunguli noMphathi Omkhulu we-Father a Nation (FAN), iNhlangano Engenzi Inzuzo enomsebenzi wokuhlumelelisa nokuhlomisa amadoda ukuba abe obaba abangcono, abaqeqeshi nezibonelo. Inkolelo yakhe yokuthi uma singelapha abantu besilisa, singelapha umhlaba wonke yenze ukuthi kube nezinkulungwane zamadoda nemindeni yawo ethintwa umsebenzi we-FAN.

UMETHULI

Ukuhunyushwa kwesiZulu kwalesi sifundo kwenziwa uMpetha Wezinguquko, u-Johnstone Makhubu.

UCINGO


Khetha indlela yoku'bhaliselsa: